kafushane ngezolimo lohlelo lwe chabuthi?

KAFUSHANE NGEZOLIMO LOHLELO
LWE CHABUTHI?
2
Indlela ekhethekile ekwenzeni ngcono ezolimo
Umangabe ungumlimi ezwenikazi lase Afrika uzozithola ubhekene nezingqinamba
ezikhungethe bonke abalimi abamnyama ezwenikazi. Lezi zingqinamba
ukungabikhona komhlaba owenele, ubugqala bomhlabathi, isomiso, ukwenyuka
kwezindlelko zezinsizakusebenza, njengembewu, omanyolo izibulala
zinambuzane kanye nemijovo yemfuyo.
Konke lokhu kuholela ezinkingeni zokukhiqiza ukudla okwanele kokondla
imindeni nemiphakathi. Kulaphoke la kuvela khona isidingo sokuthi kutholakale
ikhambi lokukhiqizwa isivuno esondlekile ngezinsizakusebenza ezingabizi imali
nangendlela engazuhlukumeza indalo nendawo esakhele kuyo.
Ukulima nge CHABUTHI noma kuyinto engathi umafikizolo, akunjalo ngoba
iyona indlela okwakulinywa ngayo emandulo bengakalethi ubuthi abelumbi.
Ngokuya kancane, kancane izizukulwane ziya zikhumbuzeka ngalendlela noma ke
seyibukeka sengathi ifika namuhla
Indlela ye CHABUTHI imalungana nokusebenza komlimi ebhekene nokondla
umhlabathi, ukubukezela nokonga amanzi, nokunakekela izimila, nezilwane,
nemfuyo. Ngalendlela injongo enkulu ukusebenzisa izinsizakusebenza zendalo
nemvelo ngaphandle kokuhlukumeza nokwenza imvelo ingasakwazi ukunakekela
izizukulwane ezilandelayo.
Esikhathini esiphila kuso lapho kunokudideka ngesimo sezulu, kwenza umqondo
ukuthi abalimi bathembele ezinsizeni zemvelo ezingaduli baze bazenzele bona
izinsiza besebenzisa izinto ezitholakala ezindaweni abahlala kuzona, bebe
baqaphe ngeso lokhozi ukuthi indalo ingahlukumezeki.
Lelibhukwana lenziwe ngenhloso yokukusiza wena mlimi ukuthi uhlolisise
izindlela ezingase zikusebenzele endaweni ohlala kuyo ukuthi ukhiqize
ngaphandle kokuhlukumeza nokuhlukumezeka
LUYINI UHLELO LWEZOLIMO LWE CHABUTHI
Lena yindlela enconywayo yokukhiqiza noma ukutshala ukudla
ngendlela engenazindleko futhi ngendlela ekhombisa ukukhathalela
nokunakekela umhlabathi lo ongunozala wakho konke ukudla.
Loluhlelo lusebenzisa ulwazi lwesayensi kanye nolwazi lwendabuko
lokutshala nokukhiqiza ngendlela evuselela umhlabathi
ingunaphakade
>
Insimu lapha ithathwa
njengonozala odinga
ukunakekelwa ukuze ukhiqize
isivuno sekhethelo
>
Umhlabathi, amanzi kanye
namahlathi kumele kunakekelwe
ukuze kunakekeleke
izizukulwane ezizayo
>
Kusetshenziswa izinsiza zemvelo
njengomquba wemfuyo kanye
nalowo okhandwe ngendle
yezilokazane nezimila
>
Kusetshnziswa izibulala zemvelo
ukubulala izinambuzane
ezinezifo
>
Sebenzisa amabibi ukuvikela
umhlabathi nokuvuselela
imvundo emhlabathini
3
Abalimi bawondla kanjani umhlabathi
Umhlaba ovundile uyisisekelo esihle
ezitshalweni nasemfuyweni
U- Organic Spaces uqokelele loluhlelo losomqulu wolwazi ngokucobelela ulwazi olutholakala kwi
AFRICAN ORGANIC AGRICULTURE TRAINING MANUAL BOOKLET Nr. 1
Uyakwazi lomhlabathi ukumunca
umumathe umsoco ukuze ukwazi
ukuwudlulisela ezitshalweni
maseziwudinga.
4
Emehlweni omlimi we CHABUTHI,
umhlabathi onempilo yilowo
ogcwele izinambuzane, iminyundu
kanye nezilokazane ezincu.
Lezizilokazane zisebenza ukubolisa
izimila esezisiphuliwe zihlanganise
nendle yemfuyo bese kuphuma
umsoco olungele ukondla izitshalo
ezintsha.
Abalimi baqaphela ukuthi umhlabathi
uvikelekile ekugugulweni yizimvula
nemimoya emikhulu.
Baphinde labalimi baqikelele lezozigigaba
eziphazamisa ukukhula nokuphila
kwezilokazane emhlabathini
Abalimi basebenzisa umquba wemfuyo
nezimila ezibolayo nezibolile ukondla
umhlabathi. Ngendlela yobuchwepheshe
bayakwazi ukuthi bahlanganise lengxube ibe
wukudla kwekhethelo emhlabathini
Hlwanyela lezo ezisamdumba
ezikhipha isikhuthazakhaba semvelo
ukuze kondleke izilokazane
eziwusizo
Tshala izihlahla ukuphephisa
izitshalo elangeni nasemoyeni
kanti futhi zidonsa nomsoco
osekujuleni
5
Abalimi bazigcina kanjani izitshalo zinempilo
Izitshalo ezinempilo siyakwazi
ukukhula zivuthwe ngesikhathi
U- Organic Spaces uqokelele loluhlelo losomqulu wolwazi ngokucobelela ulwazi olutholakala kwi
AFRICAN ORGANIC AGRICULTURE TRAINING MANUAL BOOKLET Nr. 1
Lababalimi bayanakekela ukuthi
batshala ngendlela yotshalongxube
ngotshalomtshelekwano onconywayo
kweze CHABUTHI ukuze kufe
izilokazane eziletha izifo futhi
izilokazane lezi zincishwe ukondleka
ngaleyondlela zibe buthaka zize zife.
6
Ngalendlela kubalula ukulawula izifo
ensimini ngaphandle kokungena
ezindlekweni futhi bahlole nesimo
sezifo ezingosomathuba ensimini.
Abalimi be CHABUTHI bayaqinisekisa
ukuthi imbewu ezotshalwa iwulungele
lowomhlabathi ezotshalwa kuwona,
ekhuthaza imvundo futhi ekhulisa
izitshalo ngesikhathi esiyiso
sokulungiselela izitshalo, bahlakulele,
baze bathene namagatsha ezihlahla
kungakafiki isikhathi sokuqhakaza
kwezimbali ezandulela izithelo.
Bayanakekela ukuthi bondle
umhlabathi, benze yonke
imisebenzi ngendlela elindelekile
kubalimi be CHABUTHI futhi bahlole
nesimo sezifo ezingosomathuba
ensimini.
Kubalulekile ke nokuthi
sikhumbule ukuthi zikhona
nezilokazane eziwusizo ngokuba
nomthelela omuhle ezitshalweni.
Kuyadinga ukuthi siphinde siyenze
insimu ikwazi ukuthi yondle
loluhlobo lwezilokazane.
Yondla umhlabathi ngomquba
owenele kuze kongeke
umswakama
Vikela utshani emngceleni
wensimu ukuze uhehe
izitha ezilwa nezilokazane
eziwuhlupho
Cupha, uxoshe noma ubulale
izilokazane nezifo ngezibulala
zemvelo ezingenabuthi
7
Ukugcina imfuyo ephilile
U- Organic Spaces uqokelele loluhlelo losomqulu wolwazi ngokucobelela ulwazi olutholakala kwi
AFRICAN ORGANIC AGRICULTURE TRAINING MANUAL BOOKLET Nr. 1
Abalimi be CHABUTHI bafuyela
ukuthola amaqanda, ubisi nenyama.
Imfuyo ikhiqiza umquba owondla
umhlabathi. Abalimi bayaqikelela ukuthi
imfuyo ayinazifo, nezilokazane ezincela
impilo. Lokhu kwenza ukuthi imfuyo
izale, ikhiqize njengokulindelekile
8
Abalimi bemfuyo bayaqinisekisa
ukuthi uhlobo lwemfuyo abanalo
yilolo olukhula kahle luvame uma
luthola uhlobo lwamadlelo nokudla
okuyikho endaweni.
Abalimi abalokothi nje bagunde
uboya nezimpondo nemisila
yezilwane ezifuyiwe. Benza konke
okusemandleni ukuvikela imfuyo
ezimweni zezulu ezingaba
nobungozi empilweni yezilwane.
Umangabe imfuyo ihlala ezakhweni
kubalula ukuhlolela izifo, nokuqoqa
amaqanda, nobisi kanye nomquba.
Zama ngakokonke ukusebenzisa imithi
yemvelo uma imfuyo ihlaselwe yizifo.
Uma kuba nobhuhbane singabakhona
isidingo sokucela usizo kodokotela
bezilwane. Imfuyo nezilwane
ziyayithanda imvelo, yenza ukuthi
zibenenala yendalo nemvelo
Hlola imfuyo nsukuzonke
makwenzeka
Vumela imfuyo
emadlelweni uyiyeke
ikhwelane futhi izidlalele
ngokuthanda
Yelapha imfuyo ngemithi
yemvelo
9
Zinzuzo ziphi ezohlomulwa ngohlelo lwe CHABUTHI
Ngenxa yotshalongxube nokufuya
imfuyo exubile abalimi bayakwazi
ukuhlomula ndlelathile noma ngaze
kube isivuno sonyaka
besicacamezela.
U- Organic Spaces uqokelele loluhlelo losomqulu wolwazi ngokucobelela ulwazi olutholakala kwi
AFRICAN ORGANIC AGRICULTURE TRAINING MANUAL BOOKLET Nr. 1
Imali iyongeka ngenxa yokuthi
10
bazenzele bona imbewu, izikhuthaza,
nezibulala.
Isivuno sensimu enesitifiketi se
CHABUTHI siletha inzuzo ethe xaxa
ngoba phela sithengiswa ngemali
engaphezulu kwaleyo yesivuno
esifanayo kodwa esingenasitifiketi
seCHABUTHI
Umndeni womlimi uhlomula ngempilo
enhle nephephile ngoba phela badla
izinhlobo zokudla ezehlukene ezifeza
izidingo zomzimba ikakhulukazi ngoba
kusetshenziswe izinsiza ezingenabuthi
emasimini
Abalimi balokhu befundisana
ngezindlela ezintsha ezivela
ocwaningweni olwehlukene
olusophe isivuno sekhethelo
jikelele.
Ngalendlela uthola ukuthi
izingqinamba eziningi ziyanqobeka
emhlabathini, ezitshalweni
nasemfuyweni.
Abalimi be CHABUTHI bavama
ukwenza izinguyazana
zemiphilandawonye lapho bekwazi
ukucobelelana ngolwazi baze
bakwazi ngisho nokuthenga
izinsizakusebenza
ngokuhlanganyela izindleko, futhi
baze baqale ngisho nemisebenzi
emisha engase ibaklomelise
ngezinzuzo eziphezulu ezenza
kubelula ukuxhasa imisebenzi
yasemasimini.
Lezinzuzo zixhaswe wukuthi
imigomo yokunakekela
nokungachemi ilandelwa kahle kubo
bonke labalimi nabaqashwa kanye
nabathengi besivuno.
Thengisela izimakethe
ezinolwazi nge CHABUTHI
Sebenzisanani nabanye abalimi
11