EMMANUEL CATHEDRAL

EMMANUEL CATHEDRAL
UMDLINZO
Cathedral Road, Durban, 4001, RSA, Tel : (031) 3063595/6 Fax: (031 3063597, Website: http://
wwww.emmanuelcathedral.org.za, Email: [email protected]
DHC—YIBA INGXENYE YESIQALO SETHU
Kulempelasonto wonke umuntu uzonikezwa imvilophu azohamba nayo ekhaya. Sicela nikhuleke ikakhulu impumelelo yokuqedelwa kwe DHC. Kungenzeka sibe nezinkinga ngezimpahla zokwakha njengoba
iNumsa itelekile kanti sisadinga u-R1,1M ukuqedela isakhiwo kanye nenye u-R1,5M wokufaka impahla,
ngakhoke, asiqhubeke sikhulekele lezingqinyamba ukuthola umusa kaNkulunkulu. Siyacela ukuthi
ngesonto elizayo nibuye nezimvilophu—omunye nomunye wenu kanye neminikelo noma ngabe amasenti
angakanani okuzoba ngumnikelo wethu kwi Diocesan ukuze i-DHC ingakwazi ukusisiza kokudingekayo. Sesenze kahle kakhulu, masingayekeleli manje—asibe munye sikhulekele umlingo ukuze lesi-
UBIZO LWETHU (INDLELA ESIZIMISELE NGAYO UKUFEZA IZINJONGO ZETHU
I-Emmanuel Cathedral iphokophelele ukuba:
Umphakathi owamukelanayo ogxile ezwini likaNkulunkulu.
Sithokozele ukwahlukahlukana kwethu njengomndeni kaNkulunkulu ophuphumayo ngokomoya.
Sizinikele ekuthandeni uNkulunkulu kanye nomakhelwane wethu.
UMPHATHI: FR. STEPHEN TULLY
sakhiwo siqedelwe maduze ukuze sikwazi ukusisebenzisa ngokuphela konyaka.
ISIKELA LOMPHATHI: FR. MALUSI ZACA
Esikhuthaza kakhulu emphakathini emncane yamaKristo imindeni kanye nabanye abantu noma
emaqenjini.
UMDIKONI: REV. MATTHEW NDLELA
UMSIZI WEZOKWALUSA: SR. MARION
MILLANE HF
USIHLALO WOMKHANDLU: MRS. BUNNY VAN
DER MERWE
ISEKELA LIKASIHLALO : MR. THABO ZWANE
ISONTO LE-18 LENKATHI YONYAKA—A
Isifundo sokuqala (Isaya 55: 1-3)“Wozani ngokushesha nidle.”
Isiphendulo HI. 144: Nkosi, uvula isandla sakho usisuthise ngokuphana kwakho.
Isifundosesibili (Rom. 8: 35, 37-39)”Nantoni edaliweyo okuyakuba namandla okusahlukanisa
nothando lukaNkulunkulu, olukuKristo uJesu.’’
IVANGELI (Mt. 14: 13-21)’’Badla bonke, basutha.”
26-27 JULY 2014
ISONTO LE-17 LENKATHI YONYAKA—A
Isifundo sokuqala:
UKUKHULEKELA ABAGULAYO
Ms Maria Carrington, Mr Joseph Felex, Tsitsi Mercy, Hororo, M.M.Felix, Katharina Koehler.. Sicela sikhulekele abagulayo. Sineqembhu elinakekela abagulayo kanye nabadala noma ngabe basemakhaya
noma ezibhedlela. Uma ufisa ukwazi kabanzi ngaloluhlelo ungaxhumana no Mama uThabile Cele kulezizinombholo zocingo: 082 781 0886 noma 031 2617848 Nomake uqonde ngqo emahhovisi epherishi
uyozibika. Noma ushayele amahhovisi ethu kulolucingo 031 306 3595. Ukuze ogulayo noma umuntu
osemdala angene kuloluhlelo ungaletha (1) igama nesibongo sakhe (2) ikheli lapho ehlala khona (3)
inombholo yocingo (4) bese nawe uzisho ukuthi ungubani nokuthi wena utholakalaphi. Sinohlelo lokuthi
uma sekuphele izinyaka ezintathu sifake amagama amasha.
IZINOMBOLO EZIBALULEKILE
ORGANIZATION
CONTACT PERSON
1 Amakhosi 3: 5, 7-12
“USolomon ucela ukuhlakanipha eNkosini.”
Isihlabelelo sokuphendula
Hl. 118
Ngiyawuthanda kakhulu umthetho wakho, Nkosi.
1. O Nkosi, ngathi kuyisabelo sami
ukulondoloza amazwi akho.
Umthetho womlomo wakho muhle kimi
kunenqwaba yegolide nesiliva. R .
2. Umusa wakho ube yilokhu ungilulamisa,
ngokwesithembiso sakho esikhonzini sakho.
Awungiphathe ngesihawu sakho khona ngiyophila,
ngokuba umthetho wakho uyinjabulo yami. R.
3. Imiyalo yakho ngiyayithanda kunakho konke,
kunegolide lohlobo.
Ngalokho ngihamba ngqo ngezeluleko zakho
ngizonda yonke indlela yamanga. R.
4. Imiyalo yakho iyababazeka kakhulu,
ngakho-ke umphefumulo wami uyayilondoloza.
Imfundiso yamazwi akho iyakhanyisa,
yenze ukuba nabanjengezingane babe nokuqonda. R
CONTACT
1. Centre Manager
Jean-Marie Ntamubano
031 301 2240
2. Nkosinathi Project
Ishmael Chishanu
078 199 5685
3. SVDP
Albert Hororo
079 611 9840
4. Refuge Pastoral Care
Hupenyu Makusha
031 307 1074
5. Baptism (0—5 Months)
Dc Mathew Ndlela
031 306 3595
6. Catechism
Maria Sissing
083 246 4444
7. Confirmation
Leonie Sissing
082 431 6256
8. RCIA
Iris Niemack
073 646 7629
9. JOBLINX
Mike Chauke
072 524 0553
Ngiyawuthanda kakhulu umthetho wakho, Nkosi.
Isifundo sesibili
“Wasikhetha ukuba sifuze iNdodana yakhe.’’
Alleluya, alleluya.
Uyabongeka Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngoba wazambulela abancane izimfihlakalo zombuso wezulu.
Alleluya.
IVangeli
Mt. 13: 44-52
‘’Wathengisa ngakho konke anakho wayesethenga leyonsimu..”
Rom. 8: 28-30
OKWENZEKA ZONKE IZINSUKU
uMsombuluko 28 July:
R1 Jer 13, 1-11; Ps Deut 32, 18-19. 20. 21. Go Mt 13, 31-35.
06h30: Mass
07h00: Umkhuleko wasekuseni 10h00: IMisa
uLwesibili
29 July: St Martha, memorial
R1 1Jn 4, 7-16; Ps 33, 2-3. 4-5. 6-7. 8-9. 10-11. Go Jn 11, 19-27 or Lk 10, 38-42.
06h30: Imisa
07h00: Umkhuleko wasekuseni 17h00: Charismatic Group
uLwesithathu 30 July:
R1 Jer 15, 10. 16-21; Ps 58, 2-3. 4-5a. 10-11. 17. 18. Go Mt 13, 44-46.
06h30: Mass
07h00: UMkhuleko wasekuseni
10h00: IMisa
uLwesine
31 July:
R1 Jer 18, 1-6; Ps 145, 2abc. 2d-4. 5-6. Go Mt 13, 47-53.
06h30: IMisa 07h00: UMkhuleko wasekuseni
uLwesihlanu 01 August: ST Alphonsus Liquori, Bishop & Doctor, memorial.
R1 Jer 26, 1-9; Ps 68, 5. 8-10. 14. Go Mt 13, 54-58.
06h30: IMisa 07h00: Umkhuleko wasekuseni
10h00: IMisa
ADORATION ALL NIGHT
uMgqibelo
02 August:
R1 Jer 26, 11-16. 24; Ps 68, 15-16. 30-31. 33-34. Go Mt 14, 1-12.
07h00: IMisa
11h00-12h00 & 16h30 - 17h00: Ukuvuma 17h30: IMisa
ISonto
03 August: ISONTO LESI 18 LENKATHI YONYAKA—A
07h45: IMisa (English) 10h00: IMisa (Multi-lingual) 12h00: IMisa (IsiZulu)
IZIMEMEZELO
1. UMNIKELO WESIBILI: Umnikelo wesibili okaMbhishobhi uDHC. Sicela ninikele ngesihe.
2.UMBHABHADISO: Ukubhaliselwa ukubhabhadiswa sekuqalile, amakilasi azoqala ngalezinsuku ezilandelayo; IsiZulu– 27 July kanti Isingisi– 30 July. Sicela nilethe amaforms kubaba uMdikoni Ndlela eofisi lepherishi. Usuku lokubhabhadiswa lizoba ngomhlaka 6 September 2014 ngo 08h00 ekuseni.
Ngeminye imininingwane ningaxhumana nobaba uMdikoni Ndlela ku 031 3063595.
3. IEMMANUEL KHATHEDRALI IHLONGOZA UKUHAMBELA INDAWO ENGCWELE: Kuzoyiwa
eVatican City eRome, San Giovanni Rotondo nase Medjugorge kusukela mhlaka 03 kuya 15 Okthoba 2015.
Ukubekisa isikhala ungashayela uJuly eValley View Travel ku 0312664042 / 0731436992. Ungabheka
nasebhodini lezaziso ngolunye ulwazi.
4.UMNIKELO WESIFUNDABHISHOBHI OQOQELWA IDHC: Ngalempelasonto wonke amapherishi
angama-74 eSifundabhishobhi saseThekwini acelwe uKhadinali Napier ukuba aqoqe umnikelo okhethekile
weDHC, ngaphansi kwesiqubulo esithi "SISIZE SIFAKE UPHAHLA". Sizozwa ubufakazi obuphuma kulabo abazihlanganise naloluhlelo kuwona wonke amaMisa, besichazela ngesizathu sokusekela loluhlelo,
nesizathu sokwenza lokhu nokuthi kungani becabanga ukuthi nathi sonke sifanele ukweseka loluhlelo.
Sicela ninikele ngomusa emnikelweni ozoqoqwa emva kweMisa. Lepherishi isikwaze ukuqoqa isamba
esikhulu esingu R1.13M, siyanibonga nonke ngalomnikelo.
5. UMHLOMULO WE- WEBBER BRAAI STAND NE-GEORGE FOREMAN GRILLER: Entsha ceke iWebber Braai (insimbi ezimelayo yokosa) neGeorge Foreman Griller (isitsha sokuchochobalisa inyama) kungaba ngeyakho. Amathikithi abiza R10 lilinye, atholakala emva kweMisa.
6. UKUBALWA KWABANTU EPHERISHINI: Sicela nibuyise ifomu lokubalwa eligcwalisiwe.
7. UHLELO LOKUNIKELA NGONYAKA WOMNDENI: Uhlu lohlelo lokunikela oluqukethe amagama
emindeni luyatholakala kwi– notice board.
8. UHAMBO LWASE-KEVELEAR: Luzosukela eKhathedrali ngoMgqibelo mhlaka 16 Agasti 2014 ngo 09h00
ekuseni. Imali yohambo uR150 umuntu ngamunye. Ngolunye ulwazi ungathinta uMnuz Miya kwethi
0722805337.
9. IMISA NGESIFULENTSHI: Ngolwesine mhlaka 28 Agasti 2014 ngo 17h00 ntambama eKhathedrali.
Ngemininingwane ungathinta umama Esperence ku 0849169017 / 0742000904.
IZIMEMEZELO
10. UPHAPHA WETHU UCELA UKUBA KUKHULEKELWE UKUBA KUPHELE UKUHLUSHWA KWAMAKRESTU EZWENI LASE IRAQ: I-ISIS(Islamic State of Iraq & Al Sham) isiqhwage ingxenye yesibili
yedolobha elikhulu lase-Iraq, iMousil, sebekhiphe nesigwebo sokubulawa kwalawo maKrestu angafuni
ukuphenduka, nokukhokhisa intela eyisipesheli noma bashiye idolobha.
11. ST VINCENT DE PAUL: IMisa lizoba ngolweSine mhlaka 28 August 2014 ngo 17h00 ntambama. Ukuze
sikwazi ukuhlela kahle siding abazosisiza, imihlangani iba njalo ngolwesiBili esontweni lesibili lenyanga.
Uma ulangazelele ekujoyineni, umhlangano ozolandela uzoba mhlaka 29 July.
12. UMHLANGANO WABAZALI: Bonke abazali bayamenywa emhlanganweni wabazali ozoba e-Surat
building emva kwemisa lika 08h00 ekuseni. Siyabonga, Sr Marion.
13. UMNIKELO WEZEMIDLALO WABANTWANA: Sithanda ukubonga wonke umuntu osixhasile ngezingubo zendali. Siqoqe R3390.00, sizoba nenye indali mhlaka 30 August 2014. Ngolunye ulwazi ungaxhumana noMnumzane Morrison kwethi 0727930862.
14. UHLELO LWENKOSINATHI: Sicela ukudla kokupha abangenamakhaya, sidinga irayisi, ubhontshisi,
amafutha nenyama. Siyakuthokozela ukuqhubeka kwenu nokusisekela. Ngolunye ulwazi ungathinta uIshmael kwethi 0781995685.
15. ISIMEMO ESIPHUMA KWI-SCHOENSTATT: Bathandekayo kuKristo, niyamenywa nonke egameni
leqembu leSchoenstatt yasepherishini, nemindeni yenu kanye nabangani, eMiseni elibalulekile langosuku
lokwenyuselwa kukaMame uMariya ezulwini elingomhlaka 15 Agasti 2014 ngesikhathi seMisa lika 10h00
ekuseni lapha eKhathedrali. ISchoenstatt izobe igubha iminyaka eyikhulu iyiNhlangano, sithanda ukuqinisekisa ngokuthi senza okuthile ngokuthola lelithuba nokuthi sizibonakalise ubukhona bethu. Ngolunye
ulwazi ungaxhumana noNkkz. Anna-marie Manirafasha kwethi 0781701502.
16.UKUBUSISWA KWEMISHADO: Sibonga kubona bonke abaphumelela ekubusisweni kwemishado, ikwaya, abaphathi nangokukhethekile abomhlangano ka-Anna Ocwebileyo, ngeKhekhe loMshado nangosizo
lwabo.
17. SOUTHERN CROSS: ISSUE OF JULY 23 TO 29, 2014:
1. Archbishop speaks out on Gaza
2. Benedict Daswa: Good news soon?
3. Our suffering can be redemptive. 4. DRC parish breaks ground to promote peace
THIS WEEK’S EDITORIAL: THE POWER OF THE PEN
UMKHULEKO WESIKHUNGO SIKADENIS HURLEY
Nkulunkulu wothado nozwelo, nobulungiswa, noxolo, neqiniso nenkululeko, njengoba sakha lesisikhungo sikaDenis
Hurley, sikhulekela ukuba uvuse kithina lezizilungo ezazikhuthazwa kakhulu ngumBhishobhi omkhulu uHurley.
Sikubonga ngazo zonke izibuso osipha zona kulomsembenzi ngentobeko sikhumbula ukuthi, “uma uJehova engayakhi
indlu, Basebenzela ize abayakhayo” (Isihlabelelo 127:1).
Nkosi sisize siqiniseke ukuthi:
lesisikhungo sikaDenis Hurley sisovala wonke amagebe emphakathini wethu;
kusizakale abampofu nabantulayo, banoma yisiphi isizwe nenkolo;
nokuthi kulesiSikhungo bonke bayozizwa isithunzi sabo sobuntu saziswa futhi sihlonishwa.
Nguwe wedwa onokusipha ubunye, lobu otbuthandwa uwena; engathi ukwahlukana kwethu ngokobuhlanga kungasilethela izibusiso nokunotisa.
Busisa bonke abenza lomsebenzi kanye nalabo abasipha iminikelo. Khusela bonke abaxhumene nomsebenzi wokwakha
lesiSikhungo.
Sisize ukuba siqokelele imali edingekayo ukubhekana nezindleko zentela yalapho singenise khona okwesikhashana
nokuba siphelelise ukwakhiwa kweSikhungo sikaDenis Hurley, silungiselele ukufaka impahla yangaphakathi, konke
okudingekayo, kanye nabasebenzi.
Siyacela ukuthi lesiSikhungo sisetshenziswe ngokufanele, sithandwe, sithuthukiswe futhi sigcinelwe izinkulungwane
ezilandelayo. Masihlale siyindawo yokunakekela, ukufundisa nokuthuthukisa wonke umphakathi.
AMEN